Umzuzu nonqonqoshe uMaite Nkoana- Mashabane unguNgqongqoshe woMnyango Wabezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka 06
By Hazel Namponya Editor: Collective Action Magazine
“Inyanga yokuqwashisa ngamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka iqala mhla zingu- 3 kuLwezi iphele mhla zingu-3 kuZibandlela.”
UMaite Nkoana-Mashabane unguNgqongqoshe woMnyango
Wabezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka. Njengomunye wababambe iqhaza elikhulu eqondisa ukudidiyelwa kanye nokusungulwa kwe-NSP kuhulumeni wonke nasemphakathini, umnyango wakhe uqhuba izinhlelo zokuhlomisa abesifazane, intsha kanye nabantu abakhubazekile. Ngezinhlelo ezehlukene, uMnyango uqinisekisa ukuhlonyiswa kwezenhlalo nezomnotho kanye namalungelo abesifazane,intsha kanye nabantu abakhubazekile kutholakale kuyo yonke imikhakha yomphakathi. Lokhu kwenziwa ngokuqapha ukukhuphuka kwezinga lwentuthuko lezimo zabo zezenhlalo kanye nezomnotho ; ukukhuthaza, ukumela kanye nokuqapha ukuhlonyiswa kwabo amandla kanye ukugqugquzela ukulingana kobulili; ukuthuthukisa ukuqonda kokuhlukana kwabo ngokwezimo emphakathini, kanye nomthelela wezinqumo ezibonakala zingathathi hlangothi, izinhlelo, imithetho, izinqubomgomo nezinqubo ngokuthuthukisa amakhono kanye nesabelomali esisebenza ngokushesha nangempumelelo; ukugqugquzela, ukuqapha ukwakhiwa kwamandla kanye ukuthuthukiswa kwamakhono ukuze babambe iqhaza ngendlela ephusile kuyo yonke imikhakha yezomnotho nasemsebenzini.
Summit Delegates photo by: Thando Gazide- DWYPD
127
Dec 2022| Collective Action Magazine
Made with FlippingBook interactive PDF creator