Collective Action Magazine Edition 2. Dec 2022

Ungqongqoshe: Abesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka yibona abasengozini enkulu ye-GBVF. Ukwanda kokuba sengozini ye-GBV kubantu abakhubazekile nababhekene nayo behleli ezikhungweni, kuhlanganiswe neziikhungo zezingane zesikole okuhlalwa kuzo, abantu abadala abasezikhungweni zokunakekelwa kanye nezingane ezinempilo yengqondo ephoqa ukuthi zihlale kwizikhungo, kubalwe kahle, kodwa akuzange kuholele ekwandeni kwezinyathelo zokuphendula kulobu buthakathaka obuningi. Sidinga ukusheshiswa okwengeziwe kanye nokwandiswa kwezinselele wonke umuntu abhekane nazo kulamaqembu asengozini. uHazel: Kugxilwe kakhulu kwabesifazane ekuphenduleni i-GBVF, kubonakala sengathi imizamo ebhekiswe kwabantu abaphila nokukhubazeka kanye nentsha akuthuthukisiwe. Yiziphi izinselelo ezinkulu ababhekana nazo uma kukhulunywa nge-GBVF kanye singawazwakalisa kanjani amazwi abo? uHazel: Usanda kwethula Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile (i-DRAM), Senithuthukile impela! Ngokombono wakho, kungani bekudingeka ukuletha lokhu kuqwashisa

Ungqongqoshe: Sizithola sikhungathekile ngokudidiyela kanye nokuqaliswa kokusebenza ngoba kuhlala kugxilwe kwezenhlalo. Ngakho-ke, sinamaqoqo amaningana abonisa ukuhlanganiswa okunensayo kwe-NSP kwiminyango kahulumeni. Ukuntuleka kokusebenzisana phakathi kweminyango kanye nohulumeni yikho okudala ukuthi kuhambe kancane ukuqaliswa koHlelo Lwesu Likazwelonke( i-NSP). UMnyango awunawo amahhovisi ezifundazwe futhi kunjalo kuncike ekusebenzeni eduze namahhovisi mayelana nesimo sabesifazane atholakala emahhovisi eNdunankulu. Lawa mahhovisi awasungulwa kuhulumeni wasekhaya. Ukuze sibhekane nalezi zinselelo,sidinga izinsiza ezengeziwe futhi ezizosenza sikwazi ukuhlanganisa indima yomnyango esifundazweni kanye nakuhulumeni wasekhaya. uHazel:Uma ubunganikeza ukugxeka ehhovisini lakho lobungqongqoshe, yiziphi izinselele ezimbili eziyinhloko obhekana nazo futhi isiphi iseluleko ongasinikeza iqembu lakho ukuze uthuthukise ukusebenza kwayo nokusabela kwayo.

uHazel: Yini othemba ukuthi uzoyizuza ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela?

Ungqongqoshe: Bekubaluleke kakhulu ukuba nengqungquthela futhi isifeze igunya lokuziphendulela, ukusheshisa kanye nokukhulisa kuzo zonke izinhlaka zomphakathi. Ingqungquthela isinika amandla esiwadingayo ukuze siqhubekele onyakeni wesithathu we-NSP kanye neminye iminyaka elandelayo eqhubekela phambili. Njengosihlalo wekomidi longqongqoshe kanye nenhloko yomnyango wezabesifazane, intsha kanye nabantu abakhubazekile, siyaqhubeka nokuzinikela ekuqinisekiseni ukuthi i-NSP ifakwe kuzo zonke imikhakha zikahulumeni.

futhi yini othemba ukuyizuza ngomkhankaso wokuqwashisa?

Ungqongqoshe: Ngonyaka u2013 ikhabhinethi yagunyaza ukuthi ngomhlaka -3 kuLwezi kuze kube umhlaka-3 kuZibandlela kube inyanga yokuqwashisa ngamalungelo wabantu abaphila nokukhubazeka kanye nokuthi usuku umhlaka-3 kuZibandlela lugujwe njengosuku lwamazwe ngamazwe nolwezwe lonke lwabantu abaphila nokukhubazeka, ngenhloso yokukhombisa amakhono neziphiwo zabantu abaphila nokukhubazeka njengamalungu omphakathi akhiqizayo. Ukuqwashisa ngokukhubazeka kuhlose ukuthuthukisa ukuqonda ngezindaba zokukhubazeka kanye nenzuzo okumele itholakale ekuhlanganisweni kwabantu abakhubazekile kuzo zonke izici zempilo yezepolitiki, yezenhlalo, yezomnotho kanye neyamasiko emiphakathini yabo. Intsha kanye

photo by: Thando Gazide- DWYPD

Made with FlippingBook interactive PDF creator